Bavimbe neSilo abafuna umsebenzi KwaNongoma .

Umphakathi wase Nkunzane endaweni yakwa Nongoma esifundazweni IKwa-Zulu Natal uvale umgwaqo ngamatshe nangezikoqokoqo. Lo mgwaqo abawuvalile ungenela esigodlweni seSilo KwaKhangela KwaNongoma.indlela umphakathi odinwe ngakhona akwaziwa noma sizokwazi yini ukudlula iSilo uma sesiya esigodlweni kwakhangela.

Lomphakathi uvale lomgwaqo ngoba uthi ufuna ukuqashwa ngobuningi kuhlelo oluqhubekayo lokusebenza njengoba kwakhiwa ibhuloho kulendawo.

Bathi baningi kakhulu abantu abangasebenzi kulendawo kodwa kusaqashwe abantu abayidlanzana ekubeni umsebenzi umuningi kakhulu.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: