Izindaba

Amaqembu ezepolitiki athembisa ukukhankasa ngokuthula ngaphambi kokhetho

Ngaphambi kokhetho lukahulumeni basekhaya oluzoba ngomhlaka-4 Novemba, amaqembu ezepolitiki KwaZulu-Natal azibophezele ekukhankaseni ngokuthula nangokuhlonipha imithetho yeKhomishana YoKhetho Ezimele (IEC).

Abameli bamaqembu bahlangane e-Olive Convention Centre eThekwini namhlanje, lapho besayina khona ikhodi yokuziphatha ye-IEC. Isikhulu esiphezulu se-IEC esifundazweni, uNtombifuthi Masinga, uthe lo mcimbi ubalulekile ekulungiseleleni ukhetho olungenazo izikhalazo.

“Leli yisigaba esibalulekile ekhalendeni lokhetho,” kusho uMasinga. “Amaqembu awagcini ngokuzibophezela, kodwa azibophezela nabalandeli bawo kule khodi.”

Nakuba amaqembu angaphezu kuka-100 ebhaliselwe ukuncintisana eKZN, ngu-17 kuphela adingekayo ukusayina le khodi ezingeni lesifundazwe ngoba lawa maqembu ancintisana kuso sonke isifundazwe.

Ikhodi yokuziphatha ichaza ukuthi amaqembu kumele:
– Akhankase ngokuthula
– Ahloniphe abavoti nabaphikisi bezepolitiki
– Athobele imithetho yokhetho

UKhomishana we-IEC, uGlen Mashinini, uthe ikhodi ayiwona umqondo nje, kodwa “umthetho”.

“Noma yikuphi ukwephulwa kwawo kuholela ezinsolweni zobugebengu,” kuxwayise uMashinini.

Wonke amaqembu ancintisanayo avumile ukusekela okhethweni olukhululekile, olunobulungiswa nolunokuthula.

 

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: