Izindaba

URamaphosa uthi akahlehli emuva odabeni lwasePhala Phala

USAZOQHUBEKA nokuqhoqhobala isikhundla uMengameli Cyril Ramaphosa, oveze ukuthi uzophonsela inselelo umbiko wethimba elalijutshwe iPhalamende ukuba liphenye ngokuntshontshwa kwezishaqane zamadola aseMelika epulazini lakhe iPhala Phala.

URamaphosa uveze ukuthi uzonikela enkantolo eyophonsela inselelo lo mbiko owathola ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona okufanele akuphendule ngalolu daba.

Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo, ngoMsombuluko ebusuku.

IPhalamende lawuchitha umbiko wethimba elaliholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi, uSandile Ngcobo. Kepha ngoLwesihlanu iNkantolo yoMthethosisekelo ichithe isinqumo sePhalamende sokunqaba umbiko wethimba.


URamaphosa uthe uyasihlonipha isinqumo senkantolo kodwa wathi umbiko wethimba elalijutshwe iPhalamende unamaphutha.

“Nginqume ukuphonsela inselelo umbiko wethimba. Angikwenzi lokhu ngoba nakhu ngingalihloniphi ikomiti kodwa ngenza lokhu ngoba ngikholelwa URamaphosa uthe uyasihlonipha isinqumo senkantolo kodwa wathi umbiko wethimba elalijutshwe iPhalamende unamaphutha.

“Nginqume ukuphonsela inselelo umbiko wethimba.

Angikwenzi lokhu ngoba nakhu ngingalihloniphi ikomiti kodwa ngenza lokhu ngoba ngikholelwa ukuthi kunamaphutha embikweni wethimba.”

URamaphosa uthe umbiko wethimba ugcwele izinto ezingenabufakazi.

“Inzwabethi yonke lena equkethwe umbiko.URamaphosa uthe angeke ashiye esikhundleni.

“Kukhona abathi angisule esikhundleni. Akukho lapho khona inkantolo ethe nginecala. Ngizimisele ukuqhubeka ngihole abantu baseNingizimu Afrika.Muningi umsebenzi osangihlalele.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: