Ungqingetshe ezingxoxweni zeMelika ne-Iran
ZIFINYELELE kwangqingetshe izingxoxo zamazwe amabili amakhulu emhlambini wonke, iMelika ne-Iran, njengoba ehlulekile ukufika esivumelwaneni sokunqanda impi ebiqhubeka phakathi kwawo.
Lezi zingxoxo, ebeziyithemba elikhulu emhlabeni jikelele, zidonse amahora angama-21 ezweni lasePakistan ngaphambi kokuba iMelika imemezele ngokusemthethweni ukuthi isihoxile kuleli thimba.
Lokhu kuhluleka kwezingxoxo kuze emva kokuba womabili la mazwe ebevumelane ngokubeka phansi izikhali amasonto amabili ngenhloso yokunika ithuba uxolo, kodwa izinto zijike izolo ngesikhathi iMelika ithi amanye amalungu ethimba layo aseyabuyela emakhaya.
Iphini likaMengameli waseMelika, uMnu JD Vance, lithe banqume ukuhoxa emva kokubona ukuthi i-Iran ayizimisele ngokwamukela isiphakamiso sabo sokugcina.
Nakuba uVance engaphumelanga obala ngokuthi yikuphi kanye i-Iran enqabile ukukwamukela, ubalule ukuthi akukho okusabambile ePakistan ngakho-ke kungcono ithimba labo libuyele eMelika.
Ngakolunye uhlangothi, abaholi base-Iran bagomele ngokuthi bona bebesezimisele ngokulungisa izinto kodwa iMelika isheshe yaphonsa ithawula ezingxoxweni ebezibaluleke kakhulu, ikakhulukazi njengoba bekungokokuqala eminyakeni engama-40 ukuba kube nezingxoxo ezinje phakathi kwabaholi balawa mazwe.
Lolu qingetshe lufake umhlaba wonke ekunqeniseni nasekumbambeni umoya njengoba impi isidale ukuba intengo kawoyela inyuke kakhulu emhlabeni jikelele. Ukwenyuka kukawoyela kuhambe kwathinta ngqo amaphakethe abantu, ikakhulukazi lapha eNingizimu Afrika lapho intengo kaphethroli inyuke ngo-R3.06 kanti udizili wona unyuke ngo-R7 ngokoqhubeka kwale mpi.
Njengoba izingxoxo zingaphumelelanga, akukacaci ukuthi isivumelwano sokumisa impi siyofinyelelwa nini, kanti lokhu kubeka impilo yabathengi kanye nomnotho womhlaba enkingeni enkulu ngenxa yamandla empi ethinta izinto eziningi ezidingwa ngumphakathi.

