ISIMANGA EMSINGA: Owadubula uSammy Dlamini ekhululwa yinkantolo, ubehambe emamatheka
Kushaqeke amalungu omphakathi nomndeni wakwaDlamini emuva kokuba owesilisa obebhekene necala lokubulala ngesihluku uSamantha “Sammy” Dlamini ekhishwe yinkantolo ngenxa yokushoda kobufakazi obubambekayo.
Isigameko esabuhlungu senzeka ngesikhathi uSammy, owayaziwa ngeqhaza lakhe emasikweni, elindele ngomunye umdlandla umkhosi wakhe womemulo eMbabane, eMsinga, lapho adutshulwa khona kaningi yindoda eyisihlobo sakhe egumbini lakhe lokulala.
Ngemuva kokuba lo msolwa ebaleke ubusuku bonke, waziyisa mathupha emaphoyiseni ekuseni, kodwa okudala intukuthelo enkulu emndenini nasemphakathini yizaba azibekile zokuthi ukudubula kukaSammy kwakungadalelwe, kodwa “ubethi uyamdlalisa” ngesibhamu.
Isimanga esikhulu senzeke enkantolo lapho lo msolwa ekhishwe khona kwathiwa mhla kwatholakala obunye ubufakazi obuqand’ ikhanda uyophinda aboshwe. Lokhu okucasule umndeni kakhulu wukuthi umsolwa ubehambe ebabuka ngokumamatheka enkantolo, isenzo esikhombisa ukubadelela nokungazisoli ngobuhlungu obubi kangaka abenzile.
Lolu daba luvusa imibuzo eminingi ebuhlungu ngokuthi ingabe ubulungiswa busakhona yini ezweni lethu lapho umuntu oziyise mathupha emaphoyiseni egcina ekhululekile emuva kokuchitha igazi lomuntu ongenacala. Umndeni usesele nemibuzo ngenkathi umsolwa ehamba ekhululekile emuva kokubulala ithemba nembokodo yesizwe.

