Kubhimbe uhlelo imvula ixosha abantu emcimbini kaKelvin Momo
KUBE muncu kakhulu ePeople’s Park eThekwini ngeSonto ebusuku lapho umcimbi kaKelvin Momo, i-One Man Show, uphazanyiswa yimvula enamandla ehambisana nomoya onamandla, kwaphoqeleka ukuthi kuvalwe ngokushesha ukuze kuvikelwe umphakathi.
Izibikezelo zesimo sezulu azizange zibonise ukuthi isimo singashintsha ngalendlela. Kodwa ngesikhathi abantu sebejuxuzile futhi bejabule, umoya onamandla wagadla kule ndawo, kwaphenduka amathende. Imvula yanetha kakhulu yaze yaxosha abantu ababezijabulisa.
Abahleli bomcimbi bakhiphe isitatimende, becela uxolo kubathandi bomculo abahambe bengakayiboni intandokazi yabo uKelvin Momo nabanye abaculi obekumele ukuthi benze. “Ukuphepha kanye nenhlalakahle yazo zonke izivakashi, abasebenzi, kanye nababambiqhaza kuseqhulwini. Lesi sinyathelo sokuzivikela sithathwe ukuze kuvinjelwe noma yiziphi izingozi ezingaba khona noma ukulimala okungase kuvele kulesi sigameko semvelo,” kusho abahleli bomcimbi.
Baphinde bathi: “Sikwazisa kakhulu ukubambisana nokuqonda okuboniswe yibo bonke abakhona ngalesi sikhathi. Kwalandelwa izinqubo eziphuthumayo ukuze kuqinisekiswe ukukhishwa okuhlelekile nokuphephile kwendawo.”
Abahleli bomcimbi baxolise kakhulu kubo bonke abathandi bomculo abaphazanyiswa yilesi sehlakalo semvelo. Bathembise ukuthi bazobuyisa ngolunye usuku ukuze bonke bajabulele umculo kaKelvin Momo ngokuphephile.

