Ezemidlalo

Kuzoba injabulo yodwa kubalandeli kuhlangana uRonaldo no Mbappe

Kuzoba Injabulo Yodwa kubathandi nakubalandeli bebhola lika Nobhutshuzwayo njengoba kuzohlangana umdlali othandwa kakhulu wase Portugal odlala kwizwe lase Saud Arabia uCristiano Ronaldo kanye nowokuzalwa kwizwe laseFrance uKylian Mbappe.

Lokhu kulandela ukuba lamaqembu adlulele kwisgaba sama quarterfinals kumqhudelwano we Euro 2024 championship njengoba izwe lase Portugal likwazile ukukhipha izwe lase Slovenia ngesikhathi sekushawa amapenalty ngo3:0 lapho unozithi we Portugal ekwazile ukuvimba amapenalty amathathu abeshawa abadlali beSlovenia.kanti iqembu lase France lona lakwazi ukukhipha izwe lase Belgium ngegoal elilodwa elagwaza ekhaya lifakwa isitobha se Belgium uJan vetrongheni ngomzuzu ka85 esikhathini.

Lokhu kwenze abalandeli bebhola bakuthakasela kakhulu ngoba kade babefisa ukubabona laba badlali beqondene,kwazise uMbappe ubukela kakhulu kuRonaldo.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: