Kuzokhokhiswa abantu abafakelwa ugesi
Inkampani ehlinzeka ngogesi egoli ithi isizodonsa uR200 kubahlali uma bethenga ugesi wekhadi.
Inkampani ehlinzeka ngogesi eGoli iCity Power iveze ukuthi isizodonsa imali engamakhulu amabili (R200) kulabo abahola kangconywana nabahola kakhulu uma bethenga ugesi wekhadi.
Baphinde futhi bakhokhele isigubhu sikagesi njalo ngenyanga ukuze uma sinenkinga beze bezosilungisa iphinde yaveza nokuthi uma befica kunesigubhu esisebenziswa ngokungekho emthethweni bazobe sebemthathela izinyathelo eziqinile lowo ozobe etholakale naso ebese efakelwa icala.
Lenkampani ithi yenza lokhu nje ifuna ukubhekana nezindleko zokuthunyelwa kwagesi kanye nokulungisa ingqalasizinda yawo.
Lokhu kuzokwenzeka kanye emva kweminyaka emihlanu.
Kuloluhlelo ayibalwanga ikwa Zulu-Natal.

