Izindaba

Uboshiwe osolwa ngokuthathela umfowabo umshwalense wesigidi

USenzo Mthandeni Mthethwa (43) uboshiwe ngecala lokuthathela umfowabo, uNhlakanipho Mthethwa, umshwalense wesigidi samarandi engazi futhi ngaphandle kwemvume yakhe.

Ngokusho kukaIsolezwe, umshwalense wavulwa kwa-Old Mutual ngoMeyi 2024. Isisulu sathola ngalokhu ngenkathi siye egatsheni lakwa-Old Mutual, lapho sathola amaphepha aveza ukuthi umfowabo wawuvulele umshwalense.

UNhlakanipho uthe usephonsa icala emsulwa ukuze abhekane nobulungiswa. Uveze nokuthi umfowabo akayena umqali wale nto ngoba useyenzile kwabanye. Uthe ukuboshwa komyeni kwakhe kumnike ithemba lokuthi uzolithola iqiniso enkantolo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uqinisekisile ukuthi abesilisa ababili (43 no-48) baboshiwe ngecala elifanayo eMpangeni naseWentworth. Bavela enkantolo yaseThekwini, bazobuyela ngoMeyi 19.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: