UNgizwe usabhoka uyakhahlela ngeMetro FM ‘exhaphaza’ umaskandi
Ungizwe Mchunu, umengameli wamabhinca, usabise isiteshi somsakazo iMetro FM ngezinsolo ezishaqisayo zokuxhaphazwa kwabaculi bakamaskandi kumaMetro FM Music Awards, okuye kwavusa impi yamazwi esobala.
Okhulumela amabhinca, uNgizwe Mchunu, uvele wavutha ngolaka ngesinqumo seMetro FM sokuqoka abaculi abavelele bakamaskandi emiklomelweni yalo nyaka, esithi lokhu akukona ukuhlonipha kodwa kuwukuxhaphaza okusobala.
Ekhuluma embukisweni wePodcast and Chill kaMacG, uNgizwe ugxeke kabuhlungu ukufakwa kukaKhuzani, uSminofu, uMzukulu, kanye neqembu likaMafikizolo emkhakheni we-Best Maskandi. Ngaphezu kwalokho, uMafikizolo uphinde waqokwa emikhakheni ye-Best Song of the Year ne-Viral Video Challenge, kanti uNkeshemba wathola indawo kwi-Best New Artist.
“Asikwamukeli lokhu kwenziwa,”kusho uNgizwe ngokucasukile. “Ukube baqokwe komunye umqhudelwano, bengingakhali. Kodwa iMetro FM iyisiteshi esingagunyaziwe ukudlala umculo wethu. Sake salwa sase sinqamuka izandla sifuna umculo kamaskandi udlalwe eziteshini ezidlala isilungu, kodwa kwathiwa ngeke ngenxa yelayisense yabo.”
UNgizwe uqhubeke wabeka amehlo egazi, esola ukuthi iMetro FM iqoke laba baculi ngezinhloso ezingezinhle. Uthe abasuki enhliziyweni yokuhlonipha ubuciko bamaskandi, kodwa bafuna ukusebenzisa amabhinca ukuze bazuze.
“Bafuna ukugcwalisa i-ICC ngoba bayazi ukuthi amabhinca azoza ngobuningi bawo ezobona amaghawe awo. Asibathandi, siyabanukela. Abaculi bethu bayamukelwa ukuthi bangamathuluzi abawasebenzisayo ukuqola amabhinca. Lo ngudoti,” kusho uNgizwe, egcizelela ukuthi isiteshi asiwudlali umculo wabo ngoba siyabanyanya.
Impendulo yeSABC: “Kungamampunge”
Kodwa iSABC, okuyinkampani engumzali weMetro FM, ayivumelani nalezizinsolo. UMmoni Ngubane, oyinhloKO yezokuXhumana kwiSABC, usichithile nggo isitatimende sikaNgizwe, esithi ukusola iMetro FM ngokuxhaphaza amabhinca kungamampunge.
“Umculo kamaskandi manje usufakiwe ohlwini lwezingoma ezidlalwa kwiMetro FM, ngoba uyahambisana nesigqi sesiteshi kanye nabalaleli esibasakazelayo,” kuchaza uMmoni.
Uphinde wengeza wathi iMetro FM isivele yabonisa ukuthi iyawuthanda umculo kamaskandi nowaseLimpopo (iLekompo) emcimbini wabo iMetro FM Heatwave ngokuqasha abaculi balezi zinhlobo. Uthe amaMetro FM Music Awards aklanyelwe ukuqhakambisa umculo ovuthiwe futhi othandwa abalaleli.
“Ngakho-ke, umbono wokuthi ngokufakwa kwale minxa kulo mqhudelwano kuhloswe ukuxhaphaza abaculi ukhohlisa abantu. Okwenziwa yimisakazo wukukhokhela abaculi imali ngokudlalwa kwezingoma zabo nangokubanandisa, akukho okunye,” kuchaza uMmoni, eqinisa ukuthi akukho hlaselo noma ukuxhaphazwa okukhona, kodwa umkhankaso wokweseka umculo waseKhaya.
Lokhu kushayisana kwezinkolelo manje sekushiye abathandi bomculo bephakanyiswe amashiya, njengoba abanye besekela uNgizwe ngokuthi amabhinca kufanele avikele amagugu awo, kanti abanye bebheka lokhu njengethuba elikhulu lokuthi umculo kamaskandi ukhanye ezinkundleni ezinkulu.

