USezitholele ikhaya lakhe elisha oxoshwe I-Sundowns.
Lungelo Zulu | 11 July 2024
iQembu laseMorocco, IWydad Casablanca seliqinisekise ususayinisa uRhulani Mokwena njengomqeqeshi walo omusha.
Leliqembu lifake umbhalo ezinkundleni zokuxhumana zalo lapho licacisa ngokuphelele ukuthi uRhulani usengumqeqeshi waleliqembu.
Njengoba Kuzokhumbuleka ukuthi leliqembu IWydad liqede endaweni yesithupha kwiligi yaseMorocco,iBotola Pro,ngesizini edlule okwenza lingakwazi ukudlala imdlalo edlalwa amaqembu aqede endaweni yesibili kumqhudelwano we-Caf Champions league kodwa kunamahebezi athi lingase likwazi ukuba ingxenye yamaqembu alana e-Africa azoyodlala kumqhudelwano ohlanganisa namaqembu asemazweni ako european i Club world cup.
Kuzokhumbuleka ukuthi lomqeqeshi uRhulani usanda kuhlukana neqembu lakuleli abekade eqeqesha kulona iMamelodi Sundowns,nokwavela imibiko yokuthi kungenxa yokungezwani noMqondisi weqembu uFlemming Berg nokwaholela ekutheni kugcine kuhamba yena uRhulani.
uRhulani ekhuluma nesithangami sabeZindaba,ubonge abaphathi baleliqembu nathi ngemva kokuba iWydad ithole ukuthi ushiyile kwi-Sundowns kwabathatha amahora ambalwa ukuthi baxhumane ne-ejenti yakhe badingide ngemvume yokusebenzisana.
Ebuzwa ngabadlali abalindelekile ukuba asebenze ngabo uthe “Besingakaxoxi ngabadlali okwamanje kodwa sizoba nezingxoxo ezijulile mayelana nalokho”,kuchaza uRhulani Mokoena.

