Ushaya amakhala umphakathi ‘ngabafundi bakaJesu’
Vusumuzi Sibiya, ezishaya isifuba ngokukhetha impilo eyehlukile esendaweni yakwaMaphumulo kodwa amalungu omphakathi ashaya amakhala ngayo.
Iningi labantu abakhulume neSolezwe
Ngempelasonto bebekhala ngokuthi leya ndawo akumele ivunyelwe ngoba yenza zonke izinto ezingamukelekile kubantu.
Eqhulwini umphakathi ukhala ngokugqunywa kuleya ndawo kwezingane okumele ngabe zisesikoleni.
Lokhu bakuchaza njengechilo okufanele lilawulwe kusekahle.
Bakhulume neSolezwe Ngempelasonto bacela ukuba kugodiwe amagama abo.
“Okubi kakhulu ngaphezulu kwakho konke ukuthi abe nesibindi sokuthi ayekise izingane zakhe isikole.
Wake wakuzwaphi wena ukuthi abantu akumele baye esikoleni ngoba bekhonza uJesu,” kubuza ilungu lomphakathi elikhathazekile.
Eqhuba uthe kukhulu ukukhathazeka kubona ngale ndawo athe ukuba kuya ngabo ngabe kuyaphela nje nya ngayo kodwa wathi akulula ngoba umphathi wayo ubonakala enamandla angajwayelekile, akulula nokwenza noma kanjani entweni enaye phakathi.
“Kwake kwafika osonhlakalahle lapha, kwathathwa izingane zikaSibiya ukuze nazo zizosizakala,
ziqhubeke nesikole futhi ziphile impilo efana. USibiya watshelwa kahle ukuthi izingane zakhe ngeke zisabuya kuyena ngoba uziphilisa impilo okungafanele aziphilise yona,” kuchaza omunye wasendaweni.
Uthi kodwa bethuka ngoba akuphelanga sikhathi esingakanani zabuya izingane. Esinye isakhamuzi esiseduze nale ndawo sikhale ngokuthi kwesinye isikhathi akulalwa eKhaya Labafundi njengoba kusuke kushunyayelwa ngombhobho kuze kuse.
“Lo muntu akakhathali ungaze ufunge ukuthi akozeli akalali. Akanqeni ukuthi ashumayele kusuka kuze kube kukhulunywa indaba yokuthi kuyasa emnyango,” kusho lesi sakhamuzi.
Uthe akuqaphelayo wukuthi kubantu abahlalalaphaya akekho umuntu ongowakwaMaphumulo okhona, bonke basuke ezindaweni ezikude.

