Ushisa bhe owaxoshwa kwi-Kaizer.
Lungelo Zulu |22 July 2024
Ushisa bhe umdlali owaxoshwa iqembu le Kaizer Chiefs.lomdlali Ongowokuzalwa kulizwe lase Zimbabwe uKhama Billiat,ugila izimanga kwizwe lakubo njengoba elokhu eqhubeke njalo novulalela ibhola enethini,yize abaningi baba nokungxeka ngesikhathi ethatha isinqumo sokubuyela ayodlala ngasekhaya ngesikhathi ehlukana neqembu le Kaizer Chiefs kodwa akumuqedanga amandla kodwa kunenze wazalwa kabusha ebholeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKhama Billiat uhambe kuleliqembu lase Soweto kungekho mnandi kubanye abalandeli baleliqembu,babodwa ababesigxeka isenzo sokuxoshwa kwalomdlali obegijima ngakwesokunxele enkundleni,kanti futhi wayengomunye ababekhombisa ukulisebenzela leliqembu ngezikhathi ezinzima njengoba namanje basalwa neshobolo lokuqeda lento yokungaziwini Izinkomishi,okwenza abalandeli behlezi bekhalo njalo,njengoba selishintshe cishe amaqeqeshi abendela kwabayisihlanu kodwa awenzeki umehluko kunalokho kubanzima kakhulu.
Ukuhamba kuka-Billiat eyodlala ngakubo wafika wojoyina iqembu elidlala esigabeni sokuqala kulelizwe iYanda FC edlala kwi Castle lage Premier Soccer league league,kanti kuleliqembu usadlale imidlalo engu-15 wavalela phakathi amagoli angu-8,waphinda waba nesandla emagolini angu-5,noma enza kahle emidlalweni ayidlalayo kodwa kusabukeka kusakuningi okufanele likwenze leliqembu njengoba lihlezi kunombolo 12,emidlalweni engu 19 eseliyidlalile nelikwaze ukuhlanganisa amaphuzu angamashumi amabili nambili (22).

