Ayikho edlulayo ezikaDalawane zinkanise emgwaqweni
Ibamba likaKhomishana wesiFundazwe saseGauteng, uMajor General Mbuso Khumalo, ujoyine umkhankaso wemikhakha eyahlukene yokuvimba umgwaqo u-N12 no-R28 eWestonaria, esifundeni saseWest Rand, eGauteng.
Lo msebenzi ubuholwa nguKhomishana Wesifunda saseWest Rand, uMajor General Lorraine Challen uhlanganise umnyango wezaseKhaya, amaphoyisa imigwaqo eGauteng, abezinkampqni zezokuphepha kanye nezinhlaka eziqapha emphakathini iCPF.
Lo msebenzi uyingxenye yemizamo eqhubekayo yokuqinisekisa ukuphepha komphakathi kanye nokuhambisana nomthetho ngesikhathi samaholidi ePhasika kulo lonke elaseGauteng.
UMajor General Mbuso Khumalo usenxuse zonke izakhamuzi nezivakashi ukuthi ziziphathe kahle ngesikhathi samaholidi ePhasika.
Unxuse abasebenzisa umgwago ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo, bagweme ukuphuza nokushayela, babeke eqhulwini ukuphepha ngaso sonke isikhathi.
“Sinxusa imiphakathi ukuthi isebenzisane nabezomthetho ngokubika izenzo zobugebengu kanye nokuqinisekisa ukuthi imigubho iqhutshwa ngaphansi komthetho. Sonke asibambe iqhaza ekwenzeni leli Phasika libe yisikhathi esiphephile nesinokuthula kuwo wonke umuntu waseGauteng.

