Ezingena Manje

Inkantolo Ephakeme Ichitha Isigwebo Sikadilikajele: Mbongeleni Mtshali Uyakhululwa Emva Kwamaphutha e-Case Yokudlwengula

PIETERMARITZBURG – Inkantolo Ephakeme eMgungundlovu isikhiphe isinqumo esingumphumela obomvu ngokuchitha isigwebo sikadilikajele ebesidonswa nguMbongeleni Mtshali, emva kokuthola ukuthi kuneziphambeko ezinkulu endleleni icala lakhe elaphathwa ngayo eSikhawini.

UMtshali wayegwetshwe yiNkantolo yaseSikhawini ngo-2024 ngokudlwengula ingane eneminyaka eyishumi. Nokho, amajaji aseNkantolo Ephakeme anqume ukuthi lokhu kugwetshwa kwakungafanele kwenzeke ngenxa yokushaya kwamanzi ebufakazini obethulwa ngezikhathi zokuqulwa kwelicala.

Phakathi kwezinto ezivele njengamaphutha amakhulu ukuthi udokotela owahlola ingane wagcwalisa nefomu le-J88 akazange abizelwe enkantolo ukuzofakaza ngalokho akubhala. Lokhu kwenze ukuthi ubufakazi bezempilo bungabi nesisindo esigcwele ngokomthetho.

Ngaphezu kwalokho, kuvele ukuthi ubufakazi obanikwa yingane uqobo babushayisana ngendlela eyenza kube nokungabaza ekutheni ngabe isenzakalo senzeka ngendlela okwakubikwa ngayo.

Inkantolo Ephakeme iphethe ngokuthi kuningi okungazange kwenziwe ngendlela efanele ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokuqala, okwenze ukuthi isigwebo sikaMtshali sibe nethunzi lokungabinabulungiswa.

Ngenxa yalokho, isinqumo sokuqala sesihoxisiwe, uMtshali wakhululwa kuso sonke isigwebo.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: