Ezingena Manje

Kudume izibhamu e-Gateway njengoba onogada bebhekana nabaphangi

Onogada ababili basesimweni esibucayi emva kokuba abasolwa abahlomile bephange isitolo sobucwebe enxanxatheleni yezitolo i-Gateway Theatre of Shopping e-Umhlanga.

Amaphoyisa asaqhubeka nokufuna laba basolwa ababaleke endaweni yesigameko emva kokudubulana okushiye laba nogada balimele kanzima.

Abaphathi bale nxanxathela yezitolo base-Umhlanga babonise ukuthi isikhungo sisaqhubeka nokusebenza ngokugcwele naphezu kwalesi sigameko sokuphanga esenzeke kwenye yezitolo zabo.

Ngokwemibiko yabaphathi, amadoda ahlomile angene kuleli nxanxathela yezitolo ahlasela isitolo sobucwebe ngeSonto ntambama. Ithimba lezimo eziphuthumayo lakwa-KZN VIP Medics lingenye yamathimba aphuthume endaweni yesigameko ukuyosiza abalimele.

Ngenkathi abasolwa bephuma kule nxanxathela yezitolo, bahlangane nanogada lapho kuqhume khona inhlamvu. Abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise konogada, okushiye ababili balimala kabi kakhulu basesimweni esibucayi.

Okwamanje amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nala madoda ahlomile ukuba athinte amaphoyisa aseduze ukuze kuboshwe laba baphambi komthetho.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: