Ezingena Manje

“Igazi Lashlangabeza Emnyango” – Usizi Oludabula Inhliziyo Lomndeni Womama Owabulawa Uyise Wezingane

UMABALENI – Kusenamagazi emnyango, asemadongweni nasemakhethinini ekamelweni lapho kuthiwa uNksz Zinhle Khomo (35) owaziwa ngoNeneh wabulawa khona ngesihluku nguyise wezingane zakhe entathakusa ngeSonto.

Umndeni wakhe usaqhubeka nokukhala amanxeba, ungakatholi izimpendulo ezihlotsheni zikamsolwa osemaphoyiseni, njengoba bekhumbula uhambo olwabashaya ngamandla ngenkathi bengena endlini yesigameko eGqolweni, eMabaleni, eMahlongwa, eMkhomazi.

UDadewabo kamufi, uNksz Ngane Khomo, uchaze ukuthi abazange baziswe ngumndeni kamsolwa, kodwa bathola ucingo lukamakhelwane owabona okwenzekayo.

“Sathola ucingo kumakhelwane, lungekho olwaluzoshaywa umndeni kamsolwa. Sathi sifika, izimoto zamaphoyisa zase zivele zilapho nomphakathi usubuthene,” kusho uNksz Khomo.

Uthe indlu yesigameko yayivele iboshwe ngetape yamaphoyisa, futhi bayalwa ukuthi bangasondeli. Yilapho beqaphela khona ukuthi umsolwa wayesevele eboshiwe, elele phansi ngesisu ezama ukucasha phakathi kwemoto yamaphoyisa.

Okwabathusa kakhulu kwaba ukungena ngaphakathi.

“Igazi lasihlangabeza emnyango. Kwathi singena ekamelweni, salibona selisakazeke odongeni nasemakhethinini. Kwakusobala ukuthi wabulawelwa khona,” kusho ngaphansi kohlupho.

Uchaze ukuthi isidumbu sikadadewabo sasisembhedeni, sigqoke isudi yeseleni. Ekamelweni kwakukhona insimbi egcwele igazi, intambo kagesi, neny`e intambo eyayilenga ophahleni, zombili zigcwele igazi.

“Sisola ukuthi wabuye wamklinya ngentambo, ngoba sasibona imihuzuko entanyeni. Wayelimele kakhulu ekhanda, umzimba wakhe wawuluhlaza yonke indawo, kanti eminye imikhakha yayinamanxeba avulekile,” kusho.

Umakhelwane owabona okwenzekayo watshela umndeni ukuthi umsolwa weza engqongqoza emnyango wakhe ebusuku. Umakhelwane evula umnyango, wamkhahlela wawa kude. Lapho esevuka, wabona ukuthi umsolwa usuke esehlasela uNksz Khomo.

“Umakhelwane uthi esaba, wathatha ingane yabo eneminyaka emine eyayikhona endlini, wagoduka nayo. Enye ingane eneminyaka emibili yayilele nogogo wayo ngalobo busuku,” kusho uNksz Khomo.

Umakhelwane uphinde watshela umndeni ukuthi emva kwemizuzu engu-30, umsolwa wabuya wengqongqoza futhi. Umakhelwane wavula, baxoxa kancane, wabe esengena endlini ecabanga ukuthi umsolwa uzobikela umndeni wakhe. Kodwa akazange abikele muntu.

Umakhelwane wachitha ubusuku bonke engazi ukuthi kwenzekeni, kwaze kwasa.

“Umakhelwane uthi ekuseni evukile, waqaphela ukuthi kufanele abike amaphoyisa. Kodwa wafika esekhona vele,” kusho uNksz Khomo.

Umndeni usushiywe usizi olukhulu, ulilela umama wezingane ezimbili. Bafuna ubulungiswa futhi bengakatholi izimpendulo ezisobala zokuthi kwenzeke kanjani lokhu.

Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo mayelana nalesi sigameko, kanti umsolwa usazogqunyiswa amacala.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: