Ezingena ManjeIzindaba

Yachiza iKaizer Chiefs inunuselwa ngonozinti waseBenin

IKaizer Chiefs yavele yachiza itshelwa ngonozinti weqembu lesizwe laseBenin, uMarcel Dandjinou.

Amakhosi anenkinga yonozinti muva nje kulandela ukuthatha umhlalaphansi kuka-Itumeleng Khune.

Kodwa avele aziba ngesikhathi etshelwa ngoDandjinou okumanje usedlala kwiKruger United kwiMotsepe Foundation Championship.

Lo nozinti oneminyaka engu-27 ubudala uyisethenjwa futhi nguye oqala imidlalo kwiBenin.

UDandjinou kumanje ubizwe ngumqeqeshi wodumo uGernot Rohr njengoba kunemidlalo yekhefu leFifa. 

Lesi sihlabani seLes Guépards sizobhekana nePalestine neGuinea ngasekupheleni kwale nyanga emidlalweni yokuzizwa amandla.

Ukukhuphuka kukaDandjinou kuyamangaza uma kubhekwa ukuthi uqala imidlalo ngaphambi kwabadlali abazinze e-Europe.

Njengamanje ukhuhlisa uSaturnin Allagbé, odlala eFrance, ibhentshi eqenjini lesizwe laseBenin.

Usedlale imidlalo engu-22 eqenjini lesizwe, futhi ubengumdlali ovelele ngesikhathi iBenin idlala kwi-Afcon ngoJanuwari.

Wadlala nangesikhathi iBenin ibhekene neBafana Bafana, okufakazela ukuthi uyisethenjwa soqobo kwelakubo.

Imenenja kaDandjinou, uMichel Sinha, uveze ukuthi bake bawazisa amaqembu amakhulu kuleli ngalo nozinti. 

“Sayitshela iKaizer Chiefs ngaye ngemuva kokuhamba kuka-Itumeleng Khune,” kusho uSinha kwiKickOff. 

“Kodwa abazange basho lutho, futhi akekho onephutha ngalokho, kodwa izinga lakhe lisobala.”

Phambilini uke wazanyelwa kwiBetway Premiership ngesikhathi esekwiJDR Stars kodwa nangaleso sikhathi akwangamlungela.

Nokho indlela yalo nozinti eya esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli ibukeka isilula.

Inkontileka yakhe neKruger United ezihola phambili kwilogi yeVhampionship iyaphela uma kusongwa le sizini.

Ngesizini ezayo, uDandjinou uzofaneleka ukubhaliswa njengomdlali wakuleli njengoba eseneminyaka engaphezu kwemihlanu ekuleli.

Lokhu kuzokwenza kube lula ukuthi amaqembu amsayine ngoba ngeke abambe indawo yomdlali wangaphandle. 

Njengoba iKruger United nayo isethubeni lokunyukela kwiPremiership, lo nozinti usethubeni elihle lokugcina edlalile kulesi sigaba.

 

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: