EzokungcebelekaIzindaba

Inkanyezi yoZalo iphendula abagxeka ukushintsha kwesimo sayo somzimba

ISISHAYE amakhwela inkanyezi yoZalo, uGugu Gumede, ephumela obala ngokuzethemba mayelana nenguquko ebonakala emzimbeni wakhe esishintshe kakhulu kunakuqala.

Lo mlingisi, owaziwa kakhulu ngelikaMaMlambo kulo mdlalo owudondoshiya, ushiye abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana bemangele, abanye baze baveza nokukhathazeka ngendlela anciphe ngayo. Naphezu kwemibono eminingi yabantu abathi “badatshukelwa” ukubona le ntokazi isiwubhongwane, uGugu ukubeke kwacaca ukuthi akadingi ukudatshukelwa muntu.

UGugu (35) uveze ukuthi ukhululeke kakhulu ngokubukeka kwakhe kwamanje, kanti akushayi nqulu kuye imibono yabantu ezama ukubungaza ukuthi kanti “udliwa yini” njengoba esewancane kanje. Isenzo sakhe sokuphumela obala sikhombisa ukuzethemba okusezingeni eliphezulu, kanti sinikeza isifundo kwabaningi ngokubaluleka kokwamukela isimo somzimba wakho ngaphandle kokubheka imigwaqo yabantu.

Yize abanye abalandeli besazibuza ukuthi hlobo luni lohlelo lokudla noma lokuqeqesha umzimba alusebenzisayo, le ntokazi ibonakala izimisele ngokujabulela isiqu sayo esisha, ingavumeli amazwi agxekayo ukuthi ayiphazamise.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: