IPhasika elimnyama kwabanye abahola izibonelelo zikahulumeni
I-South African Social Security Agency (Sassa) iveze ukuthi ayizikhokhi izibonelelo ngezimpelasonto, ngeMisoBulo noma ngamaholidi.
Lokhu kusho ukuthi abaningi abathembele kulezi zimali bazothola ushwele ngenyanga ezayo njengoba kungamaholidi ePhasika.
I-Sassa ikhokha izibonelelo ngokwehlukana kwezinsuku. Kuqala abadala, kulandele abaphila nokukhubazeka, bese kugcina ngezondlo zabantwana. Uma usuku lokukhokha lungempelasonto noma lungeholidi, imali ingena ngosuku olulandelayo.
Izinsuku zokukhokha ngo-Ephreli 2026:
– Isibonelelo sabadala: ngoLwesine, u-Ephreli 2
– Sabaphila nokukhubazeka: ngo-Ephreli 7
– Isondlo sabantwana (iqolo): ngo-Ephreli 8
Izibonelelo ziyanyuswa
Kusuka ngenyanga ezayo, izibonelelo zizokhuphuka. Lokhu kumenyezelwe nguNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ngesikhathi sesabelomali sezwe.
Ukwenyuka:
– Isibonelelo sabadala nesabaphila nokukhubazeka: sizonyuka ngo-R80 siye ku-R2 400
– Imali yeqolo: izonyuka ngo-R20 ibe ngu-R580
– I-Foster Care: izonyuka ngo-R40 ibe ngu-R1 290
Izeluleko
I-Sassa inxuse ukuthi abantu bangajahi ukuyokhipha imali ngoba uma isikhona ngeke isaya ndawo. Labo abangayitholi imali kumele baye emahhovisi e-Sassa ukuze bathole izizathu, bangalindi.
Abahola izibonelelo kumele baqinisekise ukuthi imininingwane yabo iyiyona. Bangashayela inombolo yamahhala ethi 0800 60 10 11 ukuze basizakale.

