Izindaba

Isihluku owesifazane ebulawa yisoka ebuya ePhasikeni

Kusenzima ukwamukela isimo emndeni wowesifazane waseSakhamkhanya, eDoringkop, kwaDukuza, okuthiwa ugwazwe wabulawa yisoka lakhe eqeda kubuya ePhasikeni ngeSonto.

Kulesi sigameko, kufe ngesihluku uNksz Happy Mthethwa (35), okuthiwa ubulawa umsolwa ngesikhathi ethi uyolanda izimpahla zakhe emzini abehlala kuwo njengophawu lokuthi ubudlelwane babo abusasahlanganisile.

Ngokusho kukadadewabo kamufi, uNksz Kholeka Mthethwa, isigameko senzeke besanda kubuya enkonzweni yePhasika ababeye kuyo ngolwesihlanu. Uthe bathe uma bebuya, umufi wahlala cishe imizuzu engu-30, wase ethi usaya kulo muzi omsolwa abehlala kuwo ngoba ewugada khona endaweni.

UNksz Mthethwa uthe wasala ngoba engazitshelanga ukuthi kukhona okubi okungase kwenzeke, kodwa ngezithuba zasemini wafikelwa umyalezo othi akaphuthume kwamakehlwane ngoba umufi ulimele.

Uma efika endaweni yesigameko, uNksz Mthethwa uthe wafica sekugcwele abantu, umfowabo edindilizile kuveranda wakulowo makhelwane. Bekukhonbisisa ukuthi umufi akasekho emhlabeni ngenxa yezinxeba zokugwazwa.

Kuthiwa umsolwa uqale ukumhlasela emzini womunye umakhelwane ongumngani wakhe umufi, lapho amshaye khona amklinya. Ngenxa yokuthi umufi ubebonakala emhlula ngamandla, ukwazile ukuphunyuka wabalekela kwamunye umakhelwane, kodwa umsolwa wamlandela wamgwaza ngommese awuthola eduzane.

Uveze ukuthi ngesikhathi besalinde amaphoyisa, umsolwa uqhamuke egijima, wazishaya isifuba ethi njengoba emdindilizile, usombulele. Abesilisa abambalwa ababephambi kwakhe bazamile ukumjaha kodwa ukwazile ukubaleka, kanti namanje usathungathwa ngamaphoyisa.

UNksz Mthethwa uveze ukuthi umsolwa nomufi bese bethandane cishe iminyaka emithathu, kodwa muva nje umufi ubesefuna ukuhlukana naye ngenxa yokuthi umsolwa ubengamhloniphi, emeshela nezinye izintombi ezazize zimfunele umufi zimthuka. Ngisho nangelasonto lePhasika ngesikhathi besenkonzweni, umsolwa ubelokhu emfounela ngama-video call, okuyinto eyayenzeka nakubantu umufi abehlala nabo eGoli lapho ayeyozama khona amatoho.

Umufi, obeneziqu zobuthisha azithole eNyuvesi yaseZululand, ushiye izingane ezintathu ezinezinyaka eziphakathi kweyisishiyagalolunye ne-17. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa akwaDukuza avule icala lokubulala kulandela isigameko sokugwazwa kukamufi ngumsolwa amaziyo ngeSonto.

Imbangela yokubulala isaphenywa njengoba umsolwa engakaboshwa.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: