Kuphelile ngo-Ayanda Msweli kuKhozi FM
UMsweli, owaziwa ngegama elithi “uNgwenya” kubalandeli bakhe, usehambile kulesi siteshi esikhulu kunazo zonke emazweni, okuthiwa uzovalwa yintokazi uNokwanda Tema.
Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi inkontileka kaMsweli ayizange ivuselelwe, okwenza ukuthi ahambe emuva kwesikhathi eside esakha igama lakhe ngokwethula izomgwaqo.
“UMsweli uyahamba, inkontileka yakhe ayivuselelwanga. Kunalokho kuvele kwalandwa intokazi esencane emsakazweni i-Gagasi, kwaba yiyona ezovala isikhala sikaMsweli. Kunzima ngempela, wonke umuntu usetsheliwe ngekusasa lakhe kodwa kukhona abangathi vu ngekusasa labo abangafuni ukusho okubehlele bevalelene nabaphathi,” kusho umthombo weSolezwe.
Omunye umthombo uveze ukuthi lezi zinguquko azigcini ngoMsweli kuphela, njengoba kunabanye osakazi abahamba kulesi siteshi.
“Njengoba nibhala nje konke kuyiqiniso. UMsweli uyahamba naye kulo msakazo, kukhona abantu esingezwa lutho ngabo abanjengoMdonso, uKing Sfiso, uLee Hlophe, nalezi zintokazi eziwine emncintiswaneni kamama uMahlangu,” kuphetha umthombo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi izolo iSolezwe libike ngokungavuselelwa kwenkontileka kasakazi uZeal Dladla, okuthe ekuseni ngalolo suku waziqinisekisa ngokwakhe lezi zindaba.
Kuze kube manje i-Ukhozi FM ayikakakhulumi ngokusemthethweni ngalezi zinguquko, kodwa okusobala ukuthi kukhona ushintsho olukhulu olwenzeka kulesi siteshi esikhulu kunazo zonke emazweni.

