Ezokungcebeleka

Ibhokile imfashini ye- BBL eyakha iminyovu nomapakisha bezintokazi

Kuqubuke impikiswano enkulu mayelana ne-Brazilian Butt Lift (BBL) eyakha iminyovu nomapakisha, njengoba izintokazi nezaziwayo ziqala ukuyiveza obala indlela eziguquke ngayo.

Ngesikhathi isikhulu samaphoyisa esisamisiwe, uLieutenant-General Shadrack Sibiya, sivele kwiKhomishini kaMadlanga, sadalula ukuthi kunezinsolo zokuthi iPhini likaKhomishana kaZwelonke elisabambile, uLieutenant-General Hilda Senthumule, lasizwa usomabhizinisi uVusumuzi “Cat” Matlala ukwenza uhlelo lokudiya kabusha izinqe nezipikha, olwaziwa nge-Brazilian Butt Lift (BBL).

Nokho, uLieutenant Senthumule waziphika lezi zinsolo eKomitini lasePhalamende ngesonto eledlule, wathi wazilungisela ngemali yakhe izinqe zakhe. Wageza ukuthi wenza uhlelo lokususa amafutha kwezinye izicubu zomzimba, olubizwa nge-liposuction, ngo-2023.

U-Lt Senthumule akayedwa kulo mshikashika wokubunjwa kabusha komzimba, njengoba izazi zithi lolu wuhlelo lokulawula izinqe ziyeke ukulithika ngokusebenzisa amafutha asuke ethathwe kwenye ingxenye yomzimba wakho. Lolu hlelo lubuye luvuselele izinqulu nesisu ukuze olwenzayo agcine ephenduka umnyovu.

Kosaziwayo asebeke balwenza lolu hlelo kubalwa uDJ Sithelo Shezi wodumo lwengoma ethi *Forever*. Ekhuluma kwiMetro FM, uSithelo wathi akenzanga lolu hlelo ngoba eqonde ukuheha izesheli, kodwa wayehlose ukulungisa umzimba wakhe ukuze ubukeke ngendlela afisa ngayo.

Umlingisi ongu-Owethu Hlophe weGenesis, uLerato Numalo, waya eClinic Wise eTurkey ngo-2022 eyokwenza i-BBL. Usaziwayo odume kakhulu ohlelweni lwe-TV iDiamond and Doll kwiShowmax, u-Inno Morolong, wathi naye wenza i-BBL ne-liposuction ngo-2022. “Ngangiyisitufuza kodwa manje sengiwunodoli. Sengigqoka noma yini,” kusho u-Inno.

UNonkanyiso “Laconco” Conco uphumele obala ngokunciphisa isisu emuva kokwenza i-liposuction ukuze abe nokhalo lomnyovu. Nakuba iningi belisola ukuthi lo saziwayo waseMgungundlovu wenze i-BBL, kodwa yena uphike walala ngomhlane, wathi usebenzise uhlelo lokususa amafutha.

Odume kwiReal Housewives of Durban, uSiphiwokuhle “Londie London” Zulu, uke wasolwa ngokwenza i-BBL ngenxa yokuba nezinge, kodwa yena uthi unje isidalo.

Kwashaqeka abaningi umlingisi weGenerations The Legacy, uThulisile “Thuli P” Phongolo, eqhamuka esengumapakisha ngo-2023 ekubeni ayeyisilenda eminyakeni eyedlule. Nakuye kwasolwa lolu hlelo lwe-BBL. Yize abanye babemshayela ihlombe ngalokhu kubukeka, kodwa iningi lamgxeka.

Intokazi eyake yakhonjwa kuDkt Malusi Gigaba, uCindy Makhathini, yaveza ukuthi yonga uR100 000 ukuze yenze i-BBL. No-DJ wakuleli u-Eva Modika wahlukana no-R65 000 enza i-BBL ne-liposuction eThe Clinique Instabul eTurkey ngo-2022.

Lokhu kwanda kokwenziwa kwe-BBL kuveza ukuthi imfashini yokuba nomzimba onjengomnyovu iya ithandwa kakhulu, noma ngabe izindleko ziphezulu futhi kunezingozi ezihambisana nalo hlelo.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: