Ezokungcebeleka

Ukuvukelwa kukazakwabo beqopha kwaxosha uLondie ekulingiseni

Umculi odumile nenkanyezi yohlelo Real Housewives of Durban, uSiphowokuhle “Londie London” Zulu, udalule okwamenza walaxaza umkhakha wokulingisa.

ULondie London (33), ekhuluma ohlelweni lwe-podcast i-Podcast and Chill Network (Read The Room), uthe ukuphathaphathwa wuzakwabo owayesevukelwe ngesikhathi kuqoshwa isiqeshana socansi yikona okwamenza wathatha isinqumo sokuthi angabe esazihlanganisa nokulingisa.

“Okokuqala angisiye umlingisi oqeqeshiwe futhi kwakungenamqeqeshi weziqeshana zocansi. Akekho owangitshela ngokuzokwenzeka.” Yize engawudalulanga umdlalo ayelingisa kuwo, uLondie uthe kwakunabantu ababalelwa kwabayishumi namakhamera lapho kwakuqoshelwa khona.

“Lapho mina ngigqoke izimpahla zokulala ezihehayo (lingerie). Umfana usephefumulela phezulu kimina futhi ujuluka uyaconsa. Umphambili wakhe wawumile uthe mpo.

Ngaxakeka nje ukuthi kwenzekani.” Uthe wazibuza waziphendula ukuthi kungani kufanele ahlukumeze imizwa yakhe ngale ndlela njengoba umfana wayemhlikihla ngomphambili wakhe, aphinde amphathaphathe umzimba wonke.

“Ngafunga ngagomela ukuthi ngeke ngiphinde ngizibandakanye nokulingisa. Angiphathekanga kahle esiqeshini socansi.”
ULondie London uthe wabona ngalolo suku ukuthi kungani abanye abalingisi begcina sebethandana.

Uthe nakuba agcina esemthanda umfana ngoba wayebaba, kodwa wanqandwa wukuthi wayenguBen 10.

“Yena wayebaba, sasingaqhubeka sijole ukuba wayengeyona ingane. Kimi uma umfana ngimdlula ngeminyaka emibili nemithathu, usuke eyingane. Yize kunjalo kodwa umfana wayeyenza into yakhe.”
ULondie London ungumculi owazakhela udumo ngamanoni athi You Were Mine ne Nomakanjani.

Unabalandeli abangaphezu kuka-2 million ku-Instagram. Ngaphambi kokuduma wayefunda e-University of Johannesburg. Wabe esengenele inhlolokhono yemiqhudelwano eminingi ngaphambi kokusayina yi-Ambitiouz Entertainment ngo-2017.

Ungumsiki wobucwebe abuye abe nenkampani yakhe iFly Clothing Store. Unezingane ezimbili azithola emshadweni wakhe nosomabhizinisi.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: