Kushaqeke abakhanda izimoto owesifazane ebulawa ngezinhlamvu eVanderbijlpark.
Owesifazane eVanderbijlpark, eGauteng, udutshulwe wabulawa ngesikhathi eyolungisa imoto yakhe (service). Kubikwa ukuthi lona wesifazane ubehleli endaweni yokulungisa izimoto elinde ukuthi umsebenzi uphothulwe, kwathi kungasitezi kwafika abafana ababili abebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo.
Labasolwa bavele bavulela ngenhlamvu kuye ebhekiswe ngqo kuye, bamshiya elele phansi egcwele igazi ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko ngejubane elikhulu.
Imibiko yokuqala ikhomba ukuthi akukho okwebiwe kulo wesifazane, okudala ukusola ukuthi lokhu bekungukubulala okuhleliwe (hit).
Amaphoyisa aseVanderbijlpark aseqale uphenyo lwecala lokubulala, kanti kuze kube manje akukaboshwa muntu mayelana nalesi sigameko. Umphakathi uceliwe ukuba unikezele nganoma yiluphi ulwazi olungaholela ekuboshweni kwalaba bafana abebengaphakathi kule Polo.
Lesi senzo sodlame sishiye abantu bakule ndawo novalo olukhulu ngenxa yokwenziwa kwalezi zigameko emini ebhadala.

