Ezokungcebeleka

Umunyu kushona umama kaNandipha Magudumana

UDkt Nandipha Magudumana ongudokotela osaziwayo owaboshwa nesoka leqa ejele, uThabo Bester, ubhekene ngesikhathi esinzima ethola umbiko wokushona kukamama wakhe, esejele.

Ngokubika kwephephandaba iSunday World, uNkk Nokuzola Sikeleni ushone ngoLwesine, ePort Shepstone ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.

Kuthiwa ubaba kaMagudumana, uZolile Sikeleni, nomfowabo, uNkosinathi Sikeleni, baveze ukuthi izikhulu eziphezulu zejele iBizzah Makhate Correctional Services e-Kroonstad, eFree State nosonhlalakahle babikele uNandipha ngokushona kukanina.

“UNandipha ubikelwe ngabaphathi bejele nosonhlalakahle ngokudlula kukamama wethu.

Uyazama ukwamukela ukushonelwa ngumama, sinethemba lokuthi uzogina yize kubuhlungu. Nathi sizomfaka isicelo sokuthi akwazi ukuya emngcwabeni kamama futhi siyethemba ukuthi konke esikucelayo kungenziwa,” kusho uNkosinathi.

Uyise kaMagudumana uthe kubuhlungu ukuthi umkakhe ushone ingane yabo iboshiwe, wengeza ngokuthi umndeni umatasa namalungiselelo omngcwabo.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: