Unina wengane uwundule yonke imali kaLekota ebhange
I-Nkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli, idalule okushaqisayo ngesithandwa sikalashonile uMnuz Mosiuoa Lekota, umsunguli weCope. Unina wengane yakhe, ochazwe njengo-Advocate A ukuze kuvikelwe ubunikazi bayo, usolwa ngokushanela yonke imali eyayikwi-akhawunti yalomholi nomkakhe uNkk Cynthia Lekota.
IJaji u-Anthony Millar lithole ukuthi imali ibilokhu ishona iyongena kwi-akhawunti yalona wesifazane izikhathi eziningi kusukela ngoMeyi nyakenye kuze kube nguFebhuwari walo nyaka. Uthe uLekota ushone ngoMashi 12, wayesesengakwazi ukuzengamela izimali zakhe ngenxa yesimo sakhe sengqondo esasingasahambi kahle.
“Ukukhishwa kwemali nokushanelwa kwe-akhawunti kaMnuz Lekota manje ngoFebhuwari 12, bekudinga ukuchazwa, kodwa akunjalo,” kusho ijaji.
UNkk Lekota ungene enkantolo ngoba wabona izinkomba zokuthi ifa lomshado wabo lalisengozini. Uthe uyamazi lo wesifazane njengoba wethulwa kuye ngumufi eminyakeni edlule, kodwa manje usola ukuthi imali yathathwa ngaphandle kwemvume ngesikhathi umyeni wakhe esegula kakhulu.

