Ezingena Manje

Iphoyisa lase-Temba lidubule labulala intombi lazibulala nalo

TEMBA, PRETORIA – Umphakathi wase-Temba eHammanskraal ushaqeke kwesibomvu kulandela isigameko segazi lapho iphoyisa lase-Temba Police Station lidubule labulala intombi yalo eneminyaka engu-28, lase lizidubula nalo lashona.

Ngokusho kwemibiko yokuqala, kuqhume ingxabano phakathi kwalezi zithandani okholelwa ukuthi iholele kulolu dlame lwasendlini olushaqisayo. Kuthiwa owesifazane uzame ukubalekela lolu hlaselo ngokuzivalela ngaphakathi endlini yokugezela (bathroom) efuna ukuzisindisa.

Nokho, leli phoyisa alingabazanga njengoba liqhume ngezibhamu lidubula libhekise kule ndawo lapho intombi yalo ibicashile khona, laze layibulalela phakathi.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: