Izindaba

Kukhishwe isexwayiso kwabazodakelwa emgwaqweni eKZN

KUKHISHWE isexwayiso esishubile kubashayeli abazophuza bese beshayela izimoto KwaZulu-Natal.

UMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe abazothi nsi, kwabazoshayela bephuzile esifundazweni. Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ehambele irenki yaseDurban Station kanjalo neyaseYMCA.

UDuma uthe ukuhambela kwabo kula marenki athathwa njengamanye aba matasa kakhulu ngezikhathi zamaholidi, kumayelana nokuyohlola isimo ukuthi ngabe konke kuhamba kahle yini njengoba kubhekwe kwimpelasonto ende yePhasika.

Uthe umuntu ophuzile uba nenkinga yokungaboni kahle emehlweni, agcine engaboni kahle nalapho sekufanele ehlise isivinini. Uveze ukuthi kwizivimbagwaqo zabo, sebehambisana nabama-ambulensi ukuqinisekisa ukuthi umuntu obanjwa ephuzile, uthathwa khona lapho igazi.

“Uma like laveza ukuthi kukhona utshwala obungu-0,8, kusuke kuveza ukuthi sekwedlulele kokusemthethweni okuvumelekile,” kusho uDuma.

Uphinde wakhuza nabahamba ngesivinini esiphezulu, wathi lokho kuyazibanga izingozi “Kuyiqiniso ukuthi ngesikhathi senyanga

yezokuthutha u-Okthoba kanjalo ngangoDisemba, KwaZulu-Natal asibanga nazo izingozi ezinjalo kwabemboni,” kusho uDuma.

Uthe ukwephulwa komthetho kwabemboniabajwayele ukuhlangabezana nakho, ukulayishwa kwabantu okwedlule esibalweni esivumelekile, kanjalo namathayi agugile.

“Uma ushayela imoto enamathayi ayimpandla,kufanele ucabange ukuthi uthwele abantu, uthi umaufaka amabhuleki, imoto ingakwazi ukwenza okufanele,” kusho uDuma.

Uthe kulabo abazokwephula umthetho kufanele baziukuthi amaphoyisa omgwaqo atshalwe yonke indawo, nezivimbamgwaqo zithe chithi-saka kuso sonke isifundazwe.

“Asixoleli,” kusho uDuma.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: