Ezemidlalo

Usezitholele ikhaya elisha umqeqeshi owaxoshwa ku-Mazulu

Lungelo Zulu |22 July 2024

Iqembu elidlala kwisigaba esikhulu Seligi Premier Soccer league okuyi PSL Ngamafuphi, leliqembu leMamelodi Sundowns seliqinisekise ukuthenga noma lisayinise umqeqeshi osakhula oke waqeqesha kwiqembu le Marumo Gallants waphinda wazakhela igama njengoba aphinde aqeqesha iqembu lakwisfundazwe IKwa-Zulu Natal iqembu Amazulu FC kodwa izinto ezingamuhambelanga kahle njengoba engahlalanga isikhathi eside kuleliqembu likaManzini.

Ngokwesitatimende esikhiswe iqembu le-Sundowns lithi Lomqeqeshi Osakhula ngeminyaka uzosebenza nosemenyezelwe njengozohola leliqembu uManqoba Mngqithi njengoba bevumelene ngokusemthethweni ukuthi uMngqithi athathe isikhundla sokuqeqesha kuleli nokwenza uFohloza Azoba umlekeleli(Assistance Coach).

Ukumenyezelwa kwaFohloza akumangazanga abaningi ngoba vele kuke kwaba nenkulumo eyakhishwa UMngqithi enezithangami nabezindaba lapho Ancona khona uRoman Folz emubeka njengomunye wabaqeqeshi abenza kahle kakhulu ebholeni lakuleli.

I-Sundowns ibeke umqeqeshi uSteve Komphela njengozoba ngumqeqeshi i-Senior Coach kuleliqembu wokwengamela uMngqithi neFolz abikele abaphathi indlela abenza ngayo nangesitayela sebhola abazobe belidlala uma kufaka nesiko leSundowns.Kuzodingeka abhale umbiko mayelana nokusebenza kweqembu kanye nemininingwane yokuthi iqembu lihlulwe kanjani emdlalweni kodwa futhi angaba nokufaka amazwi emudlalweni ozodlalwa ngalolosuku lomdlalo.

Faka lolu daba ezinkundleni zokuxhumana: