Obekwi-Big Brother uchitha eyokuba yinuku
INTOKAZI yaseHarrismith, kodwa esizinze eThekwini, eMorningside, uThandeka Tshabalala ithi isamangeLe ngothando abantu abayikhombise lona, ngesikhathi isendlini kaBig Brother, okuyinto ebingayitholi kozakwabo ebinabo kulolu hlelo.
Ithe bekunzima ngisho ukuxoxela ozakwabo ukuthi ikhule kanjani, izalwa kuphi futhi yenzani empilweni ngenxa yokuthi bebengayithandi. UThandeka uphume isibili kulolu hlelo, njengoba ubengomunye wentsha ebihlala ikhulumisa ababukeli balolu hlelo ngezinto azenzayo.
Ukugezela kwakhe ubuso kusinki wezitsha, ukuhlale ehilizisana nozakwabo, nokufaka izinwele ezizodwa ekhanda amasonto ayishumi nokunye yikhona okumdonsele amehlo abaningi.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe, uThandeka uveze ukuthi kumhlukumeze kakhulu ukuhlala endlini engafunwa kodwa inkani iyona emsebenzele, yize ake asikaza kaningi ukufuna ukuphuma ohlelweni.
“Njengoba sengiphumile nje ngifuna ukushumayela izwi lokuhlaselwa ukwantalala ngenxa yamagama akhulunywa kuwe noma indlela abantu abakuphatha ngayo okungakwenza ugcine ungazizwa kahle.
Mina ukuhlala endlini akungenzanga ngagula kodwa ukuzwa izinto ebezishiwo ngami kanjalo nebezenziwa kimi, kungenze ngangahlaliseka kahle.
Noma bengingakuvezi kodwa bekungelula, ngiyabonga ukuthi ngilana esengikhona namhlanje.
Okungenze ngajabula kakhulu ukubona ukuthi abantu kanti bebengithanda kangaka ngaphandle, ngiyalubonga uxhaso lwabo nokungeseka abakukhombisile ohambeni Iwami,” kusho uThandeka.
ukuthi akubona ubunuku akade ekwenza njengoba kujwayelekile ukuthi abantu bageze ubuso, izingane kosinki emizini yabo.
“Mina angiliboni iphutha kwebengikwenza, abantu abakuthathe ngendlela yabo.
Angilona kodwa inuku ngoba ebengikwenza kujwayelekile futhi nokugquma ubuso into abantu abayenzayo, manje sekungathi bayiqala ngami.
Engizokwenza nje ukuthi ngifuna ukusiza abantu ukuthi bangahlala kanjani benesikhumba esihle, ngizobasiza futhi ngokuthi bathenge izinwele ezihlala isikhathi eside nezinhle, nokunye okuningi,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi njengoba esengaphandle, uzoqhubeka nokuhlala kuleli nase-Italy njengoba kukhona nezinhlelo zamabhizinisi afuna ukuziqala.

